
Isikhulu samaphoyisa kuzwelonke, uFannie Masemola, uthi uphenyo seluzojika manje lube mayelana nokuthi amaphoyisa amathathu ashone kanjani ngesikhathi ephuma eBloemfontein elibangise eLimpopo lapho abeyosebenzela khona.
Izolo kusakazwe bukhoma izithombe ezithusayo lapho amaphoyisa abatshuzi eGauteng, ekhipha imoto efahlakile emfuleni iHennops.
Izidumbu ezintathu, esikaCebekhulu Linda, Keamogetswe Buys, noBoipelo Senoge zitholwe kule ndawo, ngaseCenturion, ekuqaleni kwaleli sonto.
OLUNYE UDABA: “Ama-part emoto atholwe emfuleni azosiza ngophenyo”
UMasemola ekhuluma nabezindaba izolo, ukuqinisekisile ukuthi imoto yohlobo lwe-VW Polo emhlophe ekhishwe emfuleni, ngeyamaphoyisa amathathu.
“Abezobunhloli bazoyiphenya kahle le moto. Engikushoyo ukuthi kubukeka sengathi ike yaketuka kuqala, angiyena uchwepheshe kodwa ngiyakubona lokho.
“Asivumele uphenyo luqhubeke. Ngeke siphike lutho, kodwa futhi ngeke sisho ukuthi yilokhu okwenzekile.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

**mitolyn**
Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.