
Umhlaziyi wezepolitiki, uLevy Ndou, uthi izinguquko ezenziwa njalo zobuholi ku-MK Party ziphakamisa uhlaka olungazinzile.
“Okuthintayo wukuthi akekho ozizwa ephephile eqenjini ngoba uyazi ukuthi noma yinini angakhishwa esikhundleni sakhe. Ngakho wonke umuntu angafuna ukubonakala emuhle emehlweni kaJacobs Zuma ukuze agweme ukukhishwa esikhundleni sakhe.”
NgoLwesine, iSekela likaMengameli we-MKP, uJohn Hlophe, uyichithile imibiko yokuthi kunetulo lokususa uSotswebhu we-MKP uColleen Makhubele.
OLUNYE UDABA: I-MK Party yenza izinguquko ePhalamende
Kuke kwaba nemibiko yokungaboni ngaso linye kwikhokhasi ekuqaleni kwaleli sonto njengoba kuthiwa amanye amalungu ePhalamende abemsola ngokuba ngumholi ongenasigqi noyinkinga eqenjini.
UHlophe uphinde waqinisekisa ukuthi umkhulumeli weqembu uNhlamulo Ndlela usekhishiwe kukhokhasi kasotswebhu.
UNdou uthi izinguquko ezenziwayo ku-MKP zikhombisa ukuthi iningi lamalungu ayo aliyazi imigudu yePhalamende.
Kodwa uthi isithangami nabezindaba sikaHlophe sibe yisinyathelo esihle esisize ukucacisa okuthile.
“Kube yithuba lokuthi uDkt. Hlophe afake isitembu kuleli gunya njengomholi we-MKP ePhalamende, yingakho kudingeke ukuthi ethule amalungu ahlukene e-MKP, ahambisana neminyango ethile, enze isiqiniseko sokuthi athola ithuba lokungena kwabezindaba ukuze akhulume ngezinto ezithinta izikhundla zawo ezahlukene.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
