
IDolobha lisaqhubeka nokuqeda ukukhwabanisa, inkohlakalo kanye nokusetshenziswa budedengu nokwebiwa kwengqalasizinda nezinsiza zikamasipala.
Lokhu kuza ngemuva kokuba kuboshwe abasebenzi ababili bakaMasipala ngecala lokweba udizili ngesonto eledlule.
Iloli lakwaMasipala lamanzi libanjwe likhipha udizili endaweni ehlala abantu, elinye iloli lamanzi limi eduze nesango lakule ndawo yaseKukhanyeni, ngaseVerulam. Womabili amaloli abethwele amanzi okuhloswe ukuhlinzekwa ngawo imiphakathi.
Abaseshi bebekule ndawo ngemuva kwemibiko yokubonakala kwabashayeli bamaloli abaningi kule ndawo belayisha udizili.
OLUNYE UDABA: Kwethulwa izindlela zokunqanda inkohlakalo emingceleni
Kuboshwe abasebenzi ababili bakamasipala kwavulwa icala lokweba esiteshini samaphoyisa aseNanda.
Abasolwa bazovela enkantolo.
UJimmy Ngcobo oyiNhloko yophiko lweCity Integrity and Investigations Unit, utuse ithimba labaseshi ngomsebenzi omuhle abawenzile.
“Kuzokwenziwa olunye uphenyo kule ndawo njengoba kunezinsolo zokuthi udizili uvamisile ukukhishwa khona,” kusho uNgcobo.
UNgcobo wengeze ngokuthi udizili owebiwe bayawudayisa.
“Ngeke sivumele abasebenzi ukuthi bantshontshe izinsiza zikamasipala, sinxusa umphakathi ukuthi ubike amacala okukhwabanisa nenkohlakalo ukuze ezophenywa njengalesi sigameko.”
Kubikwa ukuthi abasolwa babanjwe namalitha angu-12×25 kadizili omomwe emalolini. Lokhu kuhlanganisa amalith angu-300 kadizili wakwamasipala owebiwe.
Ithebula ngezansi liveza izindlela zeDolobha ukuqeda ngokukhwabanisa nenkohlakalo onyakeni wezimali ka-2024/2025.
Ithebula

Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEditEdit
