
NgoMsombuluko ekuseni ngemuva kwezithba zabo-10:30, ithimba labosizo lokuqala i-KZNVIP Medical Teams liphuthume endaweni yesigameko sokudubula lapho obekubanjwa khona inkunzi kuhlonyiwe eBuffelsdraai eVerulam KwaZulu-Natal.
Ngesikhathi befika, amaphoyisa kanye namalungu omphakathi abike ngesigameko okuthiwa amadoda amane angene ebhasini ezenza abagibeli.
Kuthe ibhasi uma lingena eBuffelsdraai, abasolwa babe sebeya phambili kubagibeli bebhasi bebabamba inkunzi ngaphambi kokudubula amahlandla amaningi bebhekise kumshayeli webhasi obebaleka ngezinyawo.
OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa umshayeli wetekisi kwalimala abagibeli eKZN
Bonke abasolwa kubikwa ukuthi bebehlome ngezibhamu. Ukuthi babaleka bashona ngakuphi nokuthi bebegqoke kanjani bekungakaqinisekiswa. Umshayeli uphuthunyiswe endaweni yokwelashwa eseduze lapho ashonele khona ngenxa yobubi bamanxeba akhe.
Ithimba labosio lokuqala le-KZNVIP lijutshwe endaweni yesigameko ukuyohlola abagibeli abebesathuswe yisigameko. Leli thimba libe seliqalaza endaweni yaseBuffelsdraai kodwa abika ukuthi azikho izimpawu zabasolwa.
Amaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS) azisiwe ngalesi sigameko
Amaphoyisa ophiko lwe-South African Police Service (SAPS) asebikelwe ngesigameko.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEditEdit

**mitolyn reviews**
Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.