
Abasolwa abathathu abebefunelwa uhide lwamacala okubulala endaweni yaseMaoti eNanda badutshulwe babulawa ngesikhathi bedubulana namaphoyisa endaweni yaseZimbabwe, eMaoti, eNanda, ngoMsombuluko emini.
Kulandela ukuboshwa kwamalungu eqembu lezigelekeqe eCato Manor bgenyanga ephelile, amaphoyisa abephbnsi phezulu ethungatha abanye abasolwa, oyedwa wabo waphunyuka ngesikhathi kuboshwa laba abane.
Ubuhlakani kanye nemininingwane evela kumalungu omphakathi iholele amaphoyisa emzini, lapho obekucashe khona abasolwa.
OLUNYE UDABA: Buka: Basale enkundleni abasolwa abahlanu bedubulana namaphoyisa eHammersdale
Ngesikhathi amaphoyisa esondela kulo muzi, abasolwa babe sebevulela ngenganono bebhekise emaphoyiseni bedubula beveled ngamawindi.
Amaphoyisa abe eseziphindiselela, ngesikhathi kudutshulwana abssolwa badutshulwe bashona.
Ngokwesitatimende samaphoyisa umsolwa owaphunyuka ngenyanga edlule ubengomunye wabasolwa abathathu kanti kukholakala ukuthi nguye ohola leli qembu lezigelekeqe.
Abasolwa batholakale nezibhamu ezintathu.
Alikho nelilodwa iphoyisa elithole ukulimala ngesikhathi sokudubulana.
Amaphoyisa adubule abulala abasolwa abathathu kudutshulwana eMaoti pic.twitter.com/KCvRKjR5Nk
— Izwilomzansi 98.0 fm (@izwi98fm) May 12, 2025
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEditEdit
