Kubikwa ngohlelo olusha lokukhokha emahhovisi amalayisensi ezimoto

Abashayeli bezimoto angeke besakwazi ukukhokha ngokheshi uma bevakashele emahhovisi anikezela ngamalayisensi ezimoto esifundazweni sonke.

Lokhu kuza ngemuva kokuba uNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal uSiboniso Duma, ememezele ukuthi kusukela ngomhlaka-1 April kuqaliswa ngohlelo lokukhokha ngekhadi kulandela ukwanda kwezigameko zokugetshengwa kwezimoto ezithutha imali .

OLUNYE UDABA: UMkhwanazi ushayele amaphoyisa ihlombe kulandela esokubulawa kwabasolwa abahlanu eThekwini

“Ukuguqukela ohlelweni lokungakhokhi ngemali kodwa ngekhadi kuyingqophamlando ekulweni nokugetshengwa kwezimoto ezithutha imali. Sikholwa wukuthi ukwamukela i-digital evolution kuzosisiza njengomnyango ngokonga isenti nesenti nokuqinisekisa ukuthi sikwazi ukulekelela  ngezimali ezinhlelweni zokulethwa kwezidingo kulo hulumeni wentando yeningi,” kusho uDuma esitatimendeni.

UDuma wengeze ngokuthi kulo nyaka wezimali ka-2024/2025, umnyango usuqoqe imali engaphezu kuka-R2.3 billion emahhovisi anikezela ngamalayisensi ezimoto.

IOL

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *