
Amaphoyisa ase-KZN athi osolwa ngokuba wungqondongqondo ngobugebengu futhi oyamaniswa nochungechunge lwezigameko zokubamba inkunzi izimoto zezimali ezweni lonke, ubengomunye woshayasibhamu abashone kudutshulwana namaphoyisa eThekwini.
Isigameko sokudubula senzeke ngaseChesterville ngoLwesithathu ebusuku kanti okhulumela amaphoyisa esifundazweni uRobert Netshiunda, uthe uncinzwe indlebe ngobunye ubugebengu obebuhleliwe obekumele kwenzeke.
“Ukubonakala kwamaphoyisa kule ndawo kuphazamise umsebenzi wabasolwa kanti uphiko lwezobunhloli lona luthole abasolwa endaweni yaseRidgeview. Amaphoyisa ahlonze imoto yabasolwa nokuthe uma esondela kuyona abasolwa bavulela ngenganono bebhekise emaphoyiseni kwabe sekuqhuma isibhamu.
OLUNYE UDABA: IVIDEO: Kuthungathwa ababambe imoto yemali KwaMashu Highway
“Ngesikhathi kudutshulwana, bonke abasolwa bobahlanu badutshulwe balimala kanzima.Abasolwa batholwe nezibhamu ezine.”
NgokweNewswatch, uNetshiunda uthi ithimba labo belisendaweni yesigameko kwaze kwahlwa ngoLwesithathu ebusuku.
“Abasolwa baphuma esifundazweni saseGauteng.
“Umkhankaso wokuthungatha abanye abasolwa usaqhubeka. Abasolwa bebefunelwa uhide lwezigameko zokubamba inkunzi izimoto zezimali KwaZulu-Natal, kubalwa nalesi esenzeke ngoMsombuluko KwaMashu.”
Khonamanhalo, uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uNhlanhla Mkhwanazi, useshayele ihlombe amalungu ophiko lwezobunhloli ngokuthungatha abasolwa okukholakala ukuthi bayabandakanyeka esigamekweni sokubamba inkunzi imoto yemali ku-M25 ngasePhoenix ngoMsombuluko ntambama.
Ngokombiko we-SABC, uMkhwanazi uthi amaphoyisa azophenya ngokuthi kukhona yini ukusebenzisana okukhona phakathi konogada abathutha imali kanye nemali yezigebengu.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit
