Uyavela enkantolo uVusimuzi ‘Cat’ Matlala namuhla

Osolwa ngokuba wungqondongqondo ebugebengwini uVusimuzi ‘Cat’ Matlala uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra namuhla ekuseni.

Lo somabhizinisi oneminyaka engu-49 ubudala ubhekene namacala okuzama ukubulala, ukwakha uzungu lokubulala kanye nokushushumbisa imali.

OLUNYE UDABA: UMengameli Ramaphosa uzokhuluma nesizwe ngodaba lokuphepha kazwelonke

Kusolakala ukuthi nguye owakha itulo lokubulawa kowayeyintombi yakhe, umlingisi uTebogo Thobejane.

Igama likaMatlala livele kulokho okushiywo yisikhulu samaphoyisa eKZN, uNhlanhla Mkhwanazi, othi uyamaniswa nobugebengu okusolakala ukuthi kubandakanya uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu.

Lo somabhizinisi wamathenda osengundabamlonyeni ugcinwe ejele iKgosi Mampuru Correctional Centre.

eNCA

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)