
Indoda ehlola izincwadi zokushayela ezinze KwaZulu-Natal kanye nomqeqeshi wesikole sokushayela, abalahlwe ngamacala okukhwabanisa nolekwakha uzungu lenkohlakalo kulindelek ukuba bagwetshwe.
USandile Ndlovu noZandile Dlamini batholwe benecala eNkantolo eNkulu yaseThekwini yamacala obugebengu kuleli sonto.
UNdlovu, owayengumhloli waseMooiriver, waboshwa ngonyaka ka-2016 ngemuva kokuba ekhiphe ilayisensi yokufundela ukushayela wayinika umuntu owayengazibhalanga izivivinyo.
OLUNYE UDABA: Kwethulwa izindlela zokunqanda inkohlakalo emingceleni
UDlamini, ofundisa ukushayela kuthiwa nguyena owenze ukukhwabanisa, bathatha inkokhela ka-R3 000.
Laba kulindeleke ukuthi bagwetshwe ngenyanga ezayo.
I-Road Traffic Management Corporation ithi leli cala lidalule ukwephulwa kobuqotho bomkhakha okhipha izincwadi zokushayela.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
