
Uyavela enkantolo umshayeli wemoto ethutha izingane zesikole obandakanyeke engozini yaseVanderbijlpark eGauteng.
Kushone abafundi abangu-12 engozini yemoto ababehamba ngayo neloli ngoMsombuluko kanti abanye kumbulwa kwembeswa kubo esibhedlela.
OLUNYE UDABA: Sezingu-13 izingane zesikole ezishone engozini yemoto eVaal, eGauteng
Umshayeli oneminyaka engu-22 ubudala uboshwe ngemuva kokukhishwa esibhedlela ngoLwesibili.
Ubhekene namacala angu-12 okubulala ngokungenhloso ukushayela budedengu nokunganaki.
Iziphathimandla zithi bekungafanele ukuthi athuthe izingane, njengoba i-Professional Driving Permit yakhe isiphelelwe yisikhathi.
Okwamanje, izikhulu zezokuthutha zizokhipha umbiko wokuqala mayelana nengozi.
