
UKhomishana Kazwelonke wamaphoyisa ophiko lwe-South African Police Service (SAPS) uGen Fannie Masemola uqinisekise ukuthi amaphoyisa athole enye yezimoto ezasetshenziswa ngesikhathi kubulawa uWitness D, uMarius Van Der Merwe.
Imoto itholakale ishiywe elokishini lase-Alexandra, enyakatho yeGoli.
OLUNYE UDABA: UMasemola kulindeleke ukuba ahambele emndenini kaWitness D
UMasemola uthe kusetshenziswe izimoto ezimbili ngesikhathi sokudubula, i-sedan kanye neveni.
“Sisafuna enye imoto. Sikholwa wukuthi iveni eshiywe elokishini lase-Alexandra yiyo efanele. Ochwepheshe bethu basendawo yesehlakalo bazokwenza uphenyo olwengeziwe ngale moto,” esho.
#sapsHQ [SPEAKER NOTES GENERAL FANNIE MASEMOLA, BRAKPAN, 08 DECEMBER 2025]
— SA Police Service 🇿🇦 (@SAPoliceService) December 8, 2025
We have earlier this evening met with the investigating team on the murder case of Mr Marius Van Der Merwe together with IPID that has been investigating the murder case of Duduza where an African male’s… pic.twitter.com/ChdDW0J7lG
