Imiqhafazo ka-WhatsApp ikhombisa ukuthi uMatlala wayikhokhela kanjani i-ANC: Khumalo

Inhloko yeCrime Intelligence, uDumisani Khumalo, uthi kunemiqhafazo kaWhatsApp, okusolakala ukuthi ikhombisa ukuthi umsolwa oyilungu le-Crime Intelligence uVusumuzi ‘Cat’ Matlala wenza kanjani ukuthi kukhokhelwe i-African National Congress (ANC) esebenzisa lowo okuthiwa ungumngani kaNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu, uBrown Mogotsi.

UKhumalo wethule ubufakazi kwiKhomishana kaMadlanga ePitoli ngoMsombuluko.

Utshele iKhomishana ukuthi kunobufakazi bezinkokhelo obubonakala emibhalweni yenkundla yezokuxhumana iWhatsApp.

OLUNYE UDABA: Kuphenywa iphoyisa okuzwakale igama lalo libizwa kwiKhomishana kaMadlanga

“UMatlala noma omunye wabasebenzi bakhe ukhokhela uMogotsi ngokuqondile ngezinye izikhathi ngezindleko ezihlobene nemicimbi ye-African National Congress, futhi ikakhulukazi ukuze kusizakale izithunywa zemicimbi enjalo okusobala ukuthi zixhumene noNgqongqoshe uMchunu, esebenzisa iNhloko Yezabasebenzi uCedrick Nkabinde ehhovisi likaNgqongqoshe.”

UKhumalo uphinde wathi sebehlonze abantu abahlanu abayingxenye yeqembu okuthiwa selingene kwezombusazwe. IBig Five Cartel, njengoba eyibiza kanjalo, kusolakala ukuthi inama-syndicates asebenza ngaphansi kwayo.

Uthi leli qembu iBig Five Cartel isebenza ezweni lonke nekomkhulu layo eGauteng.

UKhumalo wethule ubufakazi phambi kweKhomishana ukuthi abantu abaqavile, uMatlala noKatiso Molefe, bahlonzwe njengamalungu e-Big Five cartel.

“I-Big Five isivele yangena emkhakheni wezepolitiki, kanti futhi kunamacala aphezulu abhaliwe axhumene nezepolitiki. Osopolitiki abakhulu kusolwa ukuthi banesandla oankye benza sengathi ababoni okwenziwa yileli qembu.”

SABC