
Kubikwa ukuthi, Abezimo eziphuthumayo kanye nabezomthetho bahlangene eSuncoast Beach eThekwini lapho kuphahlazeke khona indiza encane.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo bakwa-ALS, uGarrith Jamieson,ubika uthi kune-video ejikelezayo ezinkundleni zokuxhumana ekhombisa indiza encane idlala emoyeni ngaphambi kokuba ishaye i-surf.
[ividiyo]
OLUNYE UDABA: IFlySafair ikhansele ezinye izindiza njengoba kuqhubeka isiteleka
Lokhu kwenzeke izolo ntambama e-Suncoast Beach iseduze ne-Durban’s Virginia Airport.
U-Jamieson uyanaba, “Imibiko yokuqala ithi indiza encane ibiyenza imibukiso yase iphahlazeka olwandle. I-NSRI kanye nabaqaphi bebekhona endaweni yesigameko”.
