
Inkampani ekhiqiza ushukela kuleli iTongaat Hullets, isidayiselwe abeVision Sugar.
UHullets ungene ngaphansi kweBusiness rescue nalapho ibizama ukuhlengwa ukuthi ingawi njengoba ibibhekene nezinkinga zezimali.
Kusukela ngonyaka ka-2022 le nkampani yangena ngaphansi kohlelo lwe-BRP nalapho lolu hlelo luphothulwe ngoJunE 2025 njengoba sebekhona abathenge le nkampani okuyiVision sugar.
OLUNYE UDABA: Inkampani entsha yeLotto: Isizekhaya Holdings iyona ethole iLayisensi yeLotto Kazwelonke
Ukudayiswa kwale nkampani, ithengwe abanye abantu lokho kusho injabulo enkulu kubasebenzi njengoba abaphathi abasha bayo bekuveza ngokusobala ukuthi abekho abasebenzi abazophelelwa umsebenzi, kunalokho bazokhanda inqwaba yamathuba emsebenzi.
Abaphathi abasha bakaVision Sugar kukhona nosomabhizinisi ohlonishwayo kuleli uRobert Gumede kanye nama-Almois abaqhamuka ePakistani.
Akwaziwa ukuthi igama uTongaat Hullets uzoshintshwa yini, kodwa kuvela ukuthi le nkampani ibizwe ngokuthi yiTongaat Hullets Vision.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
