I-AfriForum isiqhelelanise uthishanhloko nezinsolo zokudlwengula uCwecwe

Iqembu le-AfriForum lithi akukwazi ukuthi uthishanhloko waseBergview College abe nesandla ecaleni lokudlwengula uCwecwe oneminyaka eyisikhombisa okuthiwa wadlwengulelwa emagcekeni esikole ngo-Octhober ngonyaka ophelile.

Lokhu kuza ngemuva kokuba lolu daba lugxekwe kakhulu ngendlela oluphathwe ngayo.

OLUNYE UDABA: Lususe omkhulu umsindo udaba lukaCwecwe ezweni

Uthishanhloko wesikole uphinde wasusa umsindo, ngezinsolo zokuthi wala ukuhlinzeka ngamasampula olibofuzo ukuze ahlolwe, kutholakale ukuthi nguyena yini umenzi wokubi noma cha.

Okhulumela i-Private Prosecution Unit ye-AfriForum uBarry Bateman uthi, “Ikolishi laseBergview linamaphiko amathathu, kunesigaba samabanga amancane1-3; kulandele isigaba sesibili samabanga 4-7; bese kuba nesikole samabanga aphezulu kanti womathathu asezindaweni ezahlukene.”

“UPieterse uzinze esikhungweni semfundo ephakeme, intombazanyana eyadlwengulwa yona izinze ekilasini lamabanga amancane 1-3, futhi yilapho elandwe khona ntambama. Ngakho-ke, uPieterse ubeqhele ngamakhilomitha amabili nalo mfundi, usuku lonke. Abakaze baxhumane nhlobo futhi ubengekho nasendaweni eyodwa nale ntombazanyana nalapho okusolwa ukuthi yadlwengulelwa khona,” kuqhuba uBateman.

SABC

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit