Zivele enkantolo ngamacala okushaya izingane zamantombazane

Abafundi abangamantombazane ayisikhombisa bavele eNkantolo yeMantshi yaseGoli namuhla ngamacala okushaya.

Lokhu kuza ngemuva kokuboshelwa izinsolo zokushaya omunye umfundi ngempelasonto.

Kuvele i-video eveza isigameko sokushaya.

OLUNYE UDABA: Bayavela enkantolo abafundi abangu-8 ngelokuhlasela omunye

Lesi sigameko kuthiwa senzeke emzini oseYeoville, eGoli, ngoMgqibelo lapho okuhlala khona abafundi.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eGauteng uSteve Mabona uthe, abafundi ababandakanyekayo baphuma ezikoleni ezahlukene zaseGoli.

“Izikole seziqalile uphenyo lwangaphakathi mayelana nokungaziphathi kahle kwabafundi abathinteka kulolu daba, ngokuhambisana nemithetho yokuziphatha kanye nezinqubo zokuqondiswa kwezigwegwe kuzo zombili izikole.

UMabona uqhube wathi, “UMnyango wezeMfundo waseGauteng uzigxeka kakhulu izenzo zodlame ezifana nalezi Phakathi kwabafundi. Ukuziphatha kobudlova phakathi kwabafundi, noma ngabe bangaphandle kwamagceke esikole okanye ngaphakathi akwamukelekile futhi kuzoba nemiphumela emibi engase iphazamise imfundo yabafundi nezifiso zabo zesikhathi eside. Siqinisekisa kabusha izindawo eziphephile, ezihloniphekile nezisekelayo kuyinto esemqoka eMnyangwebi wezeMfundo.”

SABC

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *