Itholwe ezihlahleni indiza ephahlazeke eDurban North

Sekuphahlazeke indiza encane endaweni yaseBeachwood Golf Course eDurban North.

Le ndiza ibigitshelwe abantu ababili ngesikhathi yehla ngaseVirginia Airport ngoLwesibili ekuseni.

Okhulumela abosizo lokuqala i-ALS uGarrith Jamieson uthe la bantu bobabili basindile kule Ngozi.

OLUNYE UDABA: Abantu bagijime bayotapa impahla engozini yamaloli ku-N3

“Abosizo lokuqala bafike endaweni yesigameko bathola abezicishamlilo kuMasipala weTheku sebevele bekhona base bekhonjiswa nendiza encane etholwe ezihlahleni.

“Abosizo lokuqala babikelwe ukuthi abagibeli bendiza ngesikhathi sengozi baphuthunyiswe esibhedlela esizimele ukuze beyothola usizo lwezempilo.

“Indawo yesigameko ivalwe ngamaphoyisa ophiko lwe-SAPS ukuze kuzophenywa ngembangela yengozi.”

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *