
Kube nesiphithiphithi ku-N3 namuhla ekuseni kulandela izingozi ezimbili ngase-Ashburton.
Izikhulu zithi kume nse ukuhamba kwezimoto kuzo zombili izinhlangothi zomgwaqo onguthelawayeka.
Lezi zingozi zombili zibandakanya amaloli kanti zenzeke ngoLwesihlanu ekuseni ngasohlangothini lwaseMgungundlovu eLynnfield Park.
USindi Msimang weRoad Traffic Inspectorate uthe abatapi baphinde behla ezimotweni kwenye indawo eyodwa beyotapa impahla. Uthi babe sebeluleka abashayeli ukuba basebenzise omunye umgwaqo u-R103 Market Road.
OLUNYE UDABA: Usavaliwe umgwaqo u- R21 North kulandela enyantisa igazi eGoli
“Kunenye ingozi ebandakanya enye iloli lapho abantu beqale khona ukutapa impahla eCamperdown ngasenyakatho. Ukuze ugweme leso sigameko, sicela abashayeli basebenzise u-R103 Camperdown.”
Ngokombiko weNewswatch, uNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha e-KZN, uSiboniso Duma, uthe ukhathazekile ngokunyuka kwezingozi ezihambisana nezimvula emigwaqeni yesifundazwe.
Kuphinde kwabikwa nenye ingozi ku-N2.
Owomnyango uNdabezinhle Sibiya uthe lezi zingozi ziveza ngokusobala isidingo sokuvuselela izitimela zaseKZN.
“Imigwaqo yethu ilinyazwe amaloli athwele imithwalo esindayo, nokunetha kwemvula isikhathi eside kanti nezikhukhula nazo zibe nomthelela ekulimaleni kwemigwaqo yethu.
“Ungqongqoshe ukholelwa ukuthi ukusuka emgwaqeni kuyosetshenziswa ojantshi kuzosiza ekuthuthukiseni imigwaqo yethu kuphinde kuqinisekise ukuphepha kwabashayeli namalungu omphakathi.”
BUKA:
WATCH: Looters target truck involved in N3 crashhttps://t.co/um30AU42NS pic.twitter.com/MNYzXZajpl
— ECR_Newswatch (@ECR_Newswatch) March 28, 2025
Watch: N3 Northbound Closed After Two Serious Truck Crashes Near Ashburton https://t.co/wCZCHBWxsu
— SA Trucker (@rsa_trucker) March 28, 2025
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
