Kubanjwe inkunzi isitolo sakwa-KFC eNewlands West

Kubanjwe inkunzi isitolo sakwa-KFC eNewlands West namuhla ekuseni.

Ngesikhathi kufika abe-KZNVIP ngesikhathi befika endaweni yesigameko bahlangabezwe abantu abasibonile isigameko senzka babatshela ukuthi kufike amadoda amane kulesi sitolo akhomba abasebenzi ngezibhamu.

Kubikwa ukuthi izigebengu zithathe isamba semali esingadaluliwe, amaselula amaningi nokudla obekwenzelwa amakhasimende ngaleso sikhathi.

OLUNYE UDABA: Kulimale ababili kwesokuzama ukubamba inkunzi imoto yemali eMlazi

Ngenhlanhla ayikho imibiko yabalimele.

Ngokwesitatimende seKZNVIP, abasebenzi bakwaKFC baveze ukuthi abasolwa babaleke ngezinyawo. Ayikho imoto ebonakele endaweni kanti futhi kukholakala ukuthi abasolwa abazange bangene emotweni ngesikhathi sbebaleka.

Kufike bonke abantu bomthetho emdaweni yesigameko kubala namalungu amaphoyisa ophiko lwe South African Police Service (SAPS)

Njengamanje kuqhubeka uphenyo.

Noma ngubani ongaba nolwazi ngesigameko uyanxuswa ukuthi athinte isiteshi samaphoyisa esiseduze noma abike ku-10111.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *