Isendaweni ephephile ingane, 4, eyabhaxelwa “ukweba uR1500” kubo

Ingane yomfana eneminyaka emine ubudala itholwe izulazula emgaqweni yaseDaveyton eKurhuleni ngezithuba zabo-22:00 ebusuku.

Le ngane ibuzwa ukuthi kungani ingekho ekhaa, iphendule ngokuthi iyesaba ukuya kubo ngoba abazali bayo bayishayile beyisola ngokweba.

Izakhamuzi zendawo zibe seziyiphelezela zayisa kubo lapho umama wayo ethe kulahleke imali engu-R1500 owebiwe yindodana yakhe.

Izakhamuzi zither zibona amanxeba okusha nokushaywa emzimbeni wengane, zabiza amaphoyisa.

Umama wengane ube esevuma ukuthi nguye oyishayile indodana yakhe.

Abazali abadabuka eMozambique baoshwa, bavela enkantolo yematshi yaseDaveyton ngo-April 2025 kanti kulindeleke ukuba baphinde bavele ngoJune 2025.

OLUNYE UDABA: Odilikajele abane obedlwengula izingane zabafana ePMB

Umholi womphathi uJane Magagula uzwakalise ukushaqeka komphakathi wathi kumele bathole isigwebo esiqinile.

UMagagula ube eseba nemibuzo ngokuthi ingane eneminyaka emine ubudala ingayeba yini imali enkulu kangaka nemibiko evela komakhelwane yokuhlukumeza.

“Kuyethusa. Ingane eneminyaka emine ubudala ingayeba kanjani imali engu-R1500 futhi ibe izoyenzani imali engaka? Sitshelwe ngumakhelwane ukuthi lo mfanyana uhlezi ehlukunyezwa ngumama wakhe nobaba wakhe ongamzali(stepfather).

“Angeke siyivumele into ekanje ukuba yenzeke sibhekile. Sifuna abazali bajeze. Besibona ukuthi ingane iyahlukunyezwa nangendlela ebinovalo ngayo kuthina,” esho.

Esinye isakhamuzi esikhathazekile uZanele Mahlangu sithe bafuna kwenzeke ubulungiswa enganeni.

“Aylungile lento. Lomfanyana uzokhula egcwele intukuthelo, umama wakhe okunguye okumele amvikele nguye omlimzayo.”

Ingane njengamanje isezandleni zosonhlalakahle.

DailySun

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *