I-KAWU iphikisana nezinguquko zomthetho wezibhamu ohlongozwayo

Inyunyana yabasebenzi abazimele, iKungwini Amalgamated Workers Union (KAWU), isizwakalise ukukhathazeka kwayo mayelana noMthethosivivinywa ohlongozwayo Wokuchibiyela Ukulawulwa Kwezibhamu ongase udale ukwanda kobugebengu nokulahleka kwemisebenzi eNingizimu Afrika.

Lokhu kuza ngemuva kokuphuma kwephephabhuku lezichibiyelo zikaNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu okuhloswe ngazo ukuqinisa imithetho yezibhamu ezinkampanini ezizimele. Iziphakamiso zihlanganisa ukukhawula isibalo nezinhlobo zezibhamu onogada abangazisebenzisa.

OLUNYE UDABA: kuboshwe izinkulungwane zabantu ngamacala ahlukene ngoMarch

Owe-KAWU, uKhumbulani Moyo, uthi izinguquko ezihlongozwayo zingaphazamisa ukusebenza kwezokuphepha ezizimele.

UMoyo ekhuluma nabakwa-SABC uthe: “Lokhu kungase kuholele ekutheni abantu balahlekelwe yimisebenzi nokwehla kwamathuba emisebenzi kanti futhi kungaholela nasekutheni kwenyuke ubugebengu ngoba izinkampani ngeke zikwazi ukuba nezinsiza ezidingekayo nezanele, ikakhulukazi ukuqinisekisa ukuthi zilwa nobugebengu nokunye.”

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *