
Iqembu leNkatha Freedom Party (IFP) lizimisele ngokwenza uhulumeni aziphendulele emzamweni wokuvimbela ukwenyuka kwentela (VAT) ekuthwaliseni kanzima abantu abampofu nabasebenzi.
I-IFP ithe ikholelwa ukuthi i-VAT kumele ibe yisinyathelo sesikhashana.
Isigungu esiphezulu seqembu sezinsuku ezimbili (NEC) siphethe ngokuthi ukunyuswa kwe-VAT kumele kusetshenziselwe ukukhulisa umnotho kodwa akumele kuphazamise izakhamizi.
OLUNYE UDABA: “I-ANC ayinalo ilungelo lokuvimba i-SACP ukuthi iphume ibhodwe layo”
I-IFP ikholelwa ukuthi ukwenyuswa kwe-VAT kuyisixazululo njengoba kusalindwe enye inzuzo yezomnotho yezwe.
Iqembu lithe kuyisixazululo esingcono kunokuboleka, lathi kodwa akufanele kufake abantu ebunzimeni.
UMengameli we-IFP, uVelenkosini Hlabisa, uthe: “I-IFP izokwenza uhulumeni aziphendulele ukuze aqinisekise ukuthi ukunyuswa kwe-VAT akubathwalisi kanzima abantu abahlwempu nabasebenzi baseNingizimu Afrika, futhi sizoqhubeka nokugqugquzela imigomo yezomnotho evuna abampofu.”
– EWN
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
