

I-South African Communist Party (SACP) ithe i-African National Congress (ANC) ayinalo ilungelo lokuyivimba ukuthi ingenele ukhetho iyodwa.
Ngale kokhetho lokuchibiyela eFree State lwango-2017, i-SACP ihlezi ingeneae ukhetho ngaphansi kwe-ANC.
Kamuva nje, i-ANC ibhalisele ukungahambisani nalesi sinyathelo, yathi yisimo esingesihle njengoba ivoti lizohlukaniswa phakathi kwamadlelandawonye.
OLUNYE UDABA: I-SACP izongenela ukhetho lomasipala lwango-2026 ngaphandle kwe-ANC
Kwisithangami sabezindaba ngeSonto, uNobhala Jikelele we-SACP, uSolly Mapaila, uthe iqembu likubonile ukuphikisa kwe-ANC, kodwa liqhubekela phambili.
“I-ANC ayinalo ilungelo lokusivimba ukuthi singenele ukhetho. Siyinhlangano ezimele ngokwethu, sisebenzisana ne-ANC. Sizoludingida udaba lobudlelwano bethu nobulungu bethu obukabili.”
Ngokombiko we-EWN, uMapaila uthe isinqumo seqembu sokungenela ukhetho bodwa sigqugquzelwe wukufuna ukuba nezwi eliningi ezindabeni zokubusa.
“Okwamanje, i-ANC isasimele kuhulumeni futhi sicabanga ukuthi isisithathele izinqumo ezingezinhle kakhulu – ngaphezu kwalokho, ezikhathini eziningi ingenzi lutho ngaphandle kokubonisana nathi. Lokho kuyingxenye yesizathu esathi makubunjwe kabusha umfelandawonye, ukuze kube nokubuyekezwa mayelana nendlela uguquko olusebenzisa ngayo igunya kanye nomsebenzi walo eNingizimu Afrika.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

**mitolyn official**
Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.