Abahlali bafuna ukufakwa ezinhlelweni zokuphepha komphakathi waseThekwini

Abahlali baseMjondolo sebenxuse uMasipala weTheku ukuthi ubandakanye izinhlangano ezifana nenhlangano yabahlali basemjondolo uma uthuthukisa izinhlelo zokuphepha emijondolo.

IDolobha lifake imishini engu-324 ezokwazi ukuzwa nokubona kuqala umlilo nentuthu eDakota Informal Settlement eSiphingo, eningizimu yeTheku ngoLwesibili.

Umasipala uthi kuyingxenye yemizamo yokunciphisa izingozi zomlilo.

OLUNYE UDABA: Inhlangano i-Abahlali baseMjondolo iqala umkhankaso wokufundisa ngezokuphepha ebusika

Ukufakwa kwale mishini kuza ngemuva kwamasonto amathathu kuqubuke ilangabi elacekela phansi indawo, kwasala dengwane abantu abangaphezu kuka-400.

Owenhlangano yabahlali baseMjondolo uMqapheli Bonono wenhlangano, uthi bacele ukuba yingxenye yezingxoxo, ukuze bakwazi ukumela ngendlela efanele abahlali basemjondolo uma sekuthathwa izinqumo ezimqoka, kodwa babone sengathi babekwe eceleni.

UBonono wengeze ngokuthi bayazi ukuthi imishini okuyiyo ehlola umlilo isebenza kanjani.

“Imibuzo esinayo ithi:Le mishini izogadwa kanjani nokuthi singaba kanjani nesiqiniseko sokuthi ayibekiwe nje ngokufuna kubonakale sengathi kukhona okwenziwe?

“Sikholwa wukuthi uma zingabandakanya wonke umuntu osebenza nabantu basemjondolo, le mishini ingaphathwa ngendlela engaba wusizo emiphakathini.”

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)