UMchunu utshele iKhomishana kaMadlanga ukuthi i-PKTT yase isifike ekupheleni kwesikhathi sayo

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu utshele iKhomishana kaMadlanga ukuthi iithimba iPolitical Killings Task Team bekumele engabe lichithwe ngo-2024.

Lokhu kungokwesakhiwo esisha sokuhlela samaphoyisa.

UMchunu uvele kafushane ngaphambi kwekhomishana ngoLwesibili.

UKhomishana Kazwelonke uFannie Masemola kwakumele anikeze igunya lokuhlakazwa kwe-PKTT.

OLUNYE UDABA: UMchunu uzochaza ngomyalelo wokuhlakazwa kwe-PKTT kwiKhomishana kaMadlanga

UMchunu uthi ithimba lase lifike ekupheleni kwesikhathi salo, nokuthi ukusebenza kwalo ngale kuka-2022 kwakuphula uMthetho Wokuphathwa Kwezimali Zomphakathi (Public Finance Management Act ).

UNgqongqoshe uphinde watshela ikhomishana ukuthi i-PKTT yayingeyona ingxenye yohlelo lwesakhiwo sophiko lwamaphoyisa i-SAPS 2024, oluhlose ukuba wonke amaqembu abhekene nomsebenzi awele ngaphansi kweyunithi yokubulala nokuphanga.

UMchunu wengeze ngokuthi akatshelwanga ngomsebenzi wethimba iPKTT kanye namasu alo okuthunyelwa.

UMchunu kulindeleke ukuthi abuyele phambi kwekhimishana ngoLwesine.

eNCA