
UNgqongqoshe wezokuXhumana kanye neDigital Technologies, uSolly Malatsi ufuna abenkundla yezokuxhumana i-TikTok bakhokhele abenza i-content eNingizimu Afrika.
Nakuba izwe lizishaya isifuba ngokuba ngeminye yemiphakathi emikhulu ku-TikTok e-Afrika, ngabantu abangaphezu kuka-17 million abasebenzisa itiktok, labo bantu ababaliwe ethubeni lezezimali.
OLUNYE UDABA: #Justice4Cwecwe: Uhulumeni uxwayisa ngokusebenzisa ‘budedengu’ izinkundla zokuxhumana kulolu daba
Malatsi ekhuluma engqungqutheleni iSafer Internet Summit, ukucacisile ukuthi labo abenza i-content kuTiktok eNingizimu Afrika nabo bafanelwe ukufinyelela ngokugcwele kwezezimali kule nkundla.
I-TikTok izibophezele ngokusebenza phezu kwalesi siphakamiso kanti izingxoxo zisazoqhubeka.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
