
Kudutshulwe kwabulawa indoda endaweni yaseMobeni, eningizimu yeTheku namuhla ekuseni.
Abosizo lokuqala baphuthume enkampanini yezokuthutha ekuNottingham Road, lapho kwenzeke khona isigameko.
UTroy Visnathan we-Amawele Emergency Services uthi umsolwa udutshulwe amahlandla amaningi ngushayasibhamu ongaziwa.
OLUNYE UDABA:Amaphoyisa eKZN adubule abulala umbulali obephume ngoshwele ejele
“ Abezimo eziphuthumayo bakwa-ALS kanjalo nabe-Amawele, benze i-CPR kwisisulu bezama ukusivusa.
“Kodwa ngemuva kwemizuzu engu-45 siphefumulelwa, sithole ukuthi akukho ebesingakwenza kwisisulu sase sesihlonzwa njengoshonile endaweni yesigameko.”
