Usesitokisini unogada odubule wabulala indoda ebishobinga emgaqweni eThekwini

Kuboshwe unogada oneminyaka engu-64 ubudala ngecala lokubulala kulandela ingxabano eyenzeka emgaqweni oseThekwini lapho okwaphangalala khona indoda eneminyaka engu-43 ubudala.

Amaphoyisa atshele abezindaba ze-IOL ngoLwesihlanu ukuthi isigameko sokubulala ku-David Webster Road ngoLwesine.

Okhulumela amaphoyisa ophiko lwe-South African Police Service (Saps) uColonel Robert Netshiunda uqinisekise ukuboshwa komsolwa.

OLUNYE UDABA: Basenkantolo ababoshelwe ukuzama ukubulala nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni eKZN

“Imibiko iveza ukuthi umsolwa, waya kwisisulu ebesishobinga eceleni komgwaqo kwabe sekusuka ingxabano enkulu eyaholela ekuthini kuqhume isibhamu,”kusho uNetshiunda.

Kusolwa ukuthi le ndoda yadutshulwla izikhawu eziyisikhombisa. 

Okwamanje umsolwa ugcinwe esiteshini samaphoyisa aseThekwini kanti kulindelek ukuba avele enkantolo uma sekuphothulwe inqubo yecala lokubulala.