
Sekuvumbuke ezinye izakhamuzi zaseMalawi ezingaphezu kwezingu-700, ezihlezi ngaphandle kwaseDrive-In endala, eThekwini.
Lezi zakhamuzi zaseMalawi sezivuse indawo yokulinda ku-Sylvester Ntuli Road.
OLUNYE UDABA: Izinkulungwane zabokufika zisahlezi eMusina
Kuzwakale ukuthi sezinxusa ngokushesha uhulumeni waseNingizimu Afrika ukuba azihlinzeke ngezokuthutha eziya emngceleni waseMusina, eLimpopo.
Abaningi bathi babalekela ukwesatshiswa kanye nobudlova emiphakathini yaKwaZulu-Natali kanye nezingxenye zase-Eastern Cape.
IZITHOMBE:





