Sitholakale ezimobeni isidumbu sentombazane yaseMandeni ebidukile

Umndeni waseMandeni uthi bakuthola kunzima ukubhekana nokudlula emhlabeni kwendodakazi yawo.

Isidumbu sikaXolile Mpanza ebesesonakele sitholwe eduzane nasezimobeni ekuqaleni kwempelasonto.

Isisulu esineminyaka engu-18 ubudala ubesenesonto lonke edukile.

Okhulumela umndeni uJabulani Mpanza uthe bakhungathekile bonke emndenini.

OLUNYE UDABA: Kutholwe isidumbu sendoda ezimobeni eThekwini

“Sike sizwe ngezigameko ezifana nalezi kodwa besingakaze siqonde ukuthi zibuhlungu kangakanani kuze kube yimanje, siwumndeni silahlekelwe kakhulu, isimo sinzima kakhulu.

“Silahlekelwe umuntu ebesibeke ithemba elikhulu kuye umuntu obeyazisa kakhulu imfundo futhi onekusasa eliqhakazile. Izinhliziyo zethu zibunhlungu.”

UNdunankulu uThami Ntuli uvakashele umndeni wakwaMpanza endaweni yaseDokodweni kwaZulu ngeSonto.

Ugxeke udlame olubhekiswe kwabesifazane oluqhubekayo.

“Izigameko zalolu hlobo KwaZulu-Natal ziwubhubhane futhi okubalulekile wukuthi sidinga uukubika siphinde sisebenzisane namaphoyisa ukuze siwanike imininingwane. Noma ngabe ulwazi luncane kangakanani.”

Amaphoyisa avule icala lokubulala.

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *