Kube nezeluleko ezinhle kwiYouth Entrepreneurship Tour e-UKZN

Uhlelo i-Absa Youth Entrepreneurship Tour, okuwuhlelo oluhambela izifundazwe eziyisishiyagalolunye eNingizimu Afrika namuhla belubanjelwe esikhungweni semfundo ephakeme, i-University of KwaZulu-Natal ophikweni lwase-Edgewood.

Inhloso yohlelo wukugqugquzela indlela yokusebenzisana ekusunguleni izinto ezintsha, ukunikwa kosomabhizinisi abasebasha amandla okufeza amaphupho abo ebhizinisini, ukuthuthukiswa kosomabhizinisi abasha nokuthi bakwazi ukuba yingxenye yokuthuthukisa umnotho wakuleli.

OLUNYE UDABA: Abafundi bathi iwusizo i-Youth Employability Indaba & Career Expo

Uhlelo beluhanjelwe yizitshudeni ezivela emanyuvesi ahlukene ase-KZN ezinentshisekelo kwezamabhizinisi lapho bezizothamela, zithole ulwazi kwezamabhizinisi namasu amasha okuqalisa nokukhulisa ibhizinisi.

Abantu abasha kulolu hlelo bachushiswe ngezinto eziningi ezithinta ibhizinisi ukuze bezokwazi ukuthola izindlela zokuziphilisa, kwazise amathuba emisebenzi ayantengantenga.

IPhini likaNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane, uJane Sithole, uthe noma ngabe kunzima kanjani ukulahla ithawula akusiyo into enhle, kumele ukhumbule ukuthi ukukhanya kuhlezi kukuhlula ubumnyama. Ebhizinisini akufuneki ukuthi usheshe ukhathale, kodwa kumele uphokophele phambili ngaso sonke isikhathi.

“Indlela eya empumelelweni ihlezi inzima, ngakho ke konke okuzamayo empilweni zitshele ukuthi uzoba nakho futhi uzonqoba ngisho kungaba nzima kangakanani ungalilahli ithawula.”

Omunye wabafundi abebehambele lolu hlelo u-Anele Masondo ofunda e-UKZN, eWestville Campus, uthe yena akanalo ibhizinisi kodwa ubezolalela ngoba okukhulunywe ngaphakathi kungase kumsize naye ngelinye ilanga. Uthi yena akuzwile okanye akucoshile ukuthi uma ithuba liziveza kumele ulisebenzise futhi uma usufikelwe wumcabango wokuqala ibhizinisi, usukumele lowo mcabango, ungawungabazi ngoba kungenzeka ukuthi lokho sekuyithikithi eliya empumelelweni yakho.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *