Abafundi bathi iwusizo i-Youth Employability Indaba & Career Expo

Kube yinjabulo yodwa abafundi bezikole ezahlukene baseThekwini behlangene eDurban ICC eThekwini lapho obekuqhubeka khona iYouth Employability Indaba & Career Expo ebisingathwe yiTheku namuhla.

Lolu hlelo osekungu nyaka wesihlanu iTheku lulusingatha luhlose ukuhlinzeka abafundi bamabanga aphezulu ngolwazi lwezemfundo lwezikhungo ephakeme, imifundaze ekhona engabalekelela ukuqhuba imfundo yabo, amathuba emsebenzi nangokusebenza kobuchwephesha njengoba izinto ziguqukela kubo emhlabeni jikelele.

Abafundi bezikole zamabanga aphezulu ezingaphezu kwezinhlanu baluthakasele kakhulu lolu suku, injabulo ibhalwe emehlweni bebhiyoza bephinde becula, kuphinde kuncokolwa nabo ngale kokufundiswa ngempilo nomhlaba uma sebeqede umatikuletsheni.

OLUNYE UDABA: ITheku lizosingatha iYouth Employability Indaba and Career Expo ngesonto elizayo

UKhansela Ntando Khuzwayo omele iMeya yeTheku uKhansela Cyril Xaba uchaze ngenhloso yohlelo, ethi lokhu bakwenziswa wukuthi bafuna izingane zazi ukuthi kunamakhono okumele ukuthi zibe nawo ukuze zikwazi ukuthola imisebenzi.

UKhuzwayo ethula inkulumo yakhe phambi kwabafundi udlulise iziyalo, ebatshela ngokuziphatha komuntu omusha osafunda isikole, yinhlonipho, izidakamizwa, nokubaluleka kwemfundo.

La bafundi baphinde bafundiswa ngobuchwepheshe nokusebenza kwako njengoba bekukhona u obechazela abafundi kabanzi ngabo, lapho kade ekhuluma ngokusebenza kwama-robot, izinkundla zokuxhumana nokunye.

Omunye wabafundi obekhona ophuma e-Open Air Special School uSilindokuhle Nxumalo, uthe okumlethe eDurban ICC namuhla ukuzozwa kabanzi ngamathuba angawathola njengomuntu omusha futhi unethemba lokuthi ulwazi azoluthola lumzosiza ekutheni akwazi ukwenza izinqumo ngekusasa lakhe.

USamkelisiwe Maphumulo ofunda eNdukwenhle High school, uthe ujabulile ngokuba seDurban ICC ngoba ufunde izinto eziningi khona, ikakhulukazi kuyena nabanye abafundi abasekolishi eNdukwenhle iSiyafufusa CLC esiza abfundi abangakwazanga ukuthi baqede kwamanye ama-grade.

USamkelisiwe uphethe ngokuthi ukuba khona kwakhe la eDurban ICC uthole ulwazi lokuthi akwazi angakwenza uma eqeda isikole.

IYouth Employability Indaba & Career Expo iyaqhubeka kusasa nokungusuku lokugcina njengoba ibihlelelwe izinsuku ezimbili – 20 & 21 May 2025.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *