Ukhalelwe amasongo kaSigonyela “ogwaze wabulala owayeyisoka”

Kuboshwe owesifazane oneminyaka engu-31 ubudala ngezinsolo zokugwaza abulale owayeyisoka lakhe eGroblersdal ngaphandle kwasePolokwane eLimpopo.

Okhulumela amaphoyisa uMalesela Ledwaba uthe umsolwa ugwaze umufi, 30, ngento ecijile ngesikhathi bexabana.

ULedwaba uthi umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yaseGroblersdal ngecala lokubulala maduze.

OLUNYE UDABA: Uboshwe eGauteng obefunelwa izinsolo zokubulala intombi nonina

“Owayeyintombi kamufi uboshelwe endaweni yesigameko.

“Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa eLimpopo, uMajor General Samuel Manala usephinde waxwayisa abantu abathandanayo ukuthi bacele usizo uma behlangabezana nezingqinamba kunokuba baphendukele kudlame njengesixazululo.”

Okusenkundleni yezokuxhumana:

SABC

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)EditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *