
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal esebenzisana namaphoyisa aseGauteng, enze umsebenzi oncomekayo ngokubopha isigelekeqe esisolwa ngamacala okubulala nokuqola uLinda Hlongwa owaziwa kakhulu ngelikaMjinja okanye Putin.
UMjinja uboshwe eMidrand, esifundazweni saseGauteng ngoLwesibili(15 April 2025) ntambama.
UMjinja obefunwa uthuli waphunyuka ngoJuly 2020 ngesikhathi ehluleka ukuyovela enkantolo lapho ayebhekene khona namacala okutholakala nesibhamu nezinhlamvu esingekho emthethweni.
Amaphoyisa abemfunela amacala amabili okubulala intombi nonina abadutshulwa babulawa endaweni yasePinetown ngoMarch 2025.
OLUNYE UDABA: Izithombe: Kuthungathwa osolwa ngokubulala intombi nomama wayo ePinetown
UMjinja kukholakala ukuthi ubehlupha umphakathi, eqola abashayeli abathutha izingane zesikole, abanikazi bezipaza kanye nosomatekisi endaweni yaseMariannhill nezitolo eziseduzane.
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal abonga amalungu omphakathi ngemininingwane ebewusizo olukhulu eholelel ekutheni kuboshwe uMjinja ozibiza ngebhubesi.
Noma ngabe ngubani obeyisisulu sikaMjinja uyacelwa ukuba aphuthume esiteshini samaphoyisa esiseduze naye ayovula icala ukuze kuzokwenzeka ubulungiswa.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

**mitolyn**
Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.