IMeya ikhale ngengqalasizinda endala nokukokotelwa kwamanzi eThekwini

Inkinga enkulu kakhulu eThekwini odabeni lwamanzi yingqalasizinda esindala eyafakwa emnyakeni emningi eyedlule, njengamanje kwenziwa imizamo yokufaka kabusha ingqalasizind.

Uma kunezindawo ezimfimfa amanzi okanye ezivuza amanzi kusuke kudalwa wukuqhuma kwamapayipi.

Okudala izinkinga zamanzi ukwanda kwabantu emadolobheni- abantu abaningi abasuka ezindaweni ezisemakhaya bafuduleka amadolobheni; iTheku lilodwa linemijondolo eyinqwaba. Le ndawo yayingakhelwanga abantu abaningi kangaka kodwa kumele bonke abantu bathole amanzi nogesi, ngamanye amazwi kufanele ubeke ingcindezi eyengeziwe kungqalasizinda ukuze ukwazi ukuhlinzeka bonke abantu.

OLUNYE UDABA: Kwethulwe umkhankaso wePhasika nobusika ozokhulisa umnotho

Okwesithathu, ukukokotelwa kwezinsiza, abantu basaxhumeka ezinsizeni zethu ngokungemthetho-ukukokotelwa kwamanzi nogesi kusiphuca imali esiyidingayo njengedolobha. Isibonelo; ngamanzi sinikezela ngezindawo ezifana naseMbumbulu lapho kunabantu abaphila kahle abahlala khona okufanele ngabe bayawakhokhela amanzi kodwa abangawakhokheli kodwa siyabahlinzeka.

KwaXimba kusanda kwakhiwa amanzi angu-7 mega litres ngakho-ke akuyona indaba yosizi kodwa kunezinselelo ezaziwayo futhi ezilungiswayo.

IMeya yeTheku uCyril Xaba ithe, okwamanje basahamba bebeka amathangi amanzi. “Ngizothenga amathanga amanzi angu-100 kanti kuze kube yimanje sengithenge angu-264 angaphansi kwedolobha. Umbiko ngokusabalaliswa kwawo uzolandela.

“Ngaphezu kwalokho sizokwandisa isibalo sibe ngu-364 ngonyaka ozayo noma ngonyaka ka-2027 ukuze singanciki kubahlinzeki bezinsizakalo ezizimele. Lokhu akusho ukuthi angeke sisabadinga, kuyohlezi kunesikhala sokusebenzisa abahlinzeki bezinsizakalo abazimele kodwa lokho kufanele kufinyelele ekuhlanganiseni imicabango yethu.”

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *