
IHollywood Foundation kanye neJohn L. Dube Foundation ibisesikoleni i-Ohlanga High School, eNanda osukwini lwayizolo lapho ibiyothula kabusha ngokusemthethweni umsebenzi omuhle wokulungiswa kwe-Stonehouse, okuyindawo yokuhlala abafundi ngaphakathi esikoleni nehlala abafundi abangaphezu kuka-200.
Lokhu kungenhloso yokuqinisekisa izimo eziphephile, ezihlanzekile nezihloniphekile.
IHollywood Foundation itshale imali engu-R2.2 million ukuze kulungiswe lesi sikole esingesinye salezo ezihamba phambili kuleli.
I-Ohlange High School inomlando ojulile kuzwelonke njengoba kuyilapho okwavotela khona lowo owayenguMengaleli wakuleli uNelson Mandela okhethweni lokuqala lwentando yeningi eNingizimu Afrika ngonyaka ka-1994.
OLUNYE UDABA: INJABULO KWISKOLE SASEMLAZI SINIKELELWA NGEZINTO ZOKUDLALA IHOLLYWOOD FOUNDATION
Lesi sikole esasungulwa ngonyaka ka-1900 namanje sisaqhubeka nokusebenzela umphakathi waseNanda owawuncishwe amathuba njengesikhungo esingakhokhisi mali yokufunda nesihlinzeka ngemufundo abafundi abangaphezu kwabangu-1 300.
IHollywood Foundation ihlangene neJohn L. Dube ilungise indawo yokuhlala abafundi ngaphakathi esikoleni lapho kulungiswe izindawo zangasese, izindawo zokugezela abafundi, yanikela ngemibhede yokulala emisha yalungisa nophahla yaphinde yalungisa nesimo samanzi ngokufaka i-borehole okuyiyo ezophakela le ndawo ngamanzi noma ngabe engasaphumi empompini.
Inhloso yokuthuthukiswa kwale ndawo ukuqinisekisa ukuthi abafundi beyakwazi ukufinyelela ezindaweni zokuhlala eziphephile, ezinesizotha, ezisebenza kahle nezikhuthaza impumelelo ezifundweni.
IZITHOMBE:












Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
