
Ochwepheshe bacela ukubandakanyeka komphakathi okwengeziwe ukulwa nobhubhane lwesifo sofuba (TB) eNingizimu Afrika.
Inyanga kaMarch, inyanga yokuqwashisa ngesifo sofuba ngaphansi kwesihloko esithi, “Yes! We Can End TB! Led by countries, Powered by people”.
Ngokusho kwenhlangano iWorld Health Organiasation (WHO), imizamo eminingi yaseNingizimu Afrika iholele ekwehleni okungu-53% kwezinga lokutheleleka ngesifo sofuba kusukela ngo-2015, kanti ukwelashwa kukhuphuke kusuka ku-58% kuya ku-77% kusukela ngo-2020.
OLUNYE UDABA: Umjovo we-HIV i-Lenacapavir uzosatshalaliswa ezifundeni eziyisithupha zase-KZN
Kodwa-ke, kusengesinye sezifo ezihamba phambili esingumbulalazwe nesithelelanayo.
Inkampani engenzi nzuzo egxile kwi-TB ne-HIV, i-TB-HIV Care ithi izinga lokwelapha i-TB lihlezi liphansi ku-83% eNingizimu Afrika, ikakhulukazi ngenxa yezimo zenhlalo nezomnotho.
Okhulumela iWestern Cape uNomzamo Vali uthi, “I-TB eNingizimu Afrika isalokhu ingenye yezifo ezithathelanayo ezihamba phambili, kanye nasemhlabeni jikelele. Kodwa eNingizimu Afrika, siyaqhubeka nokubhekana nomthwalo omkhulu we-TB, ohlobene kakhulu nezici ezifana nobumpofu, ukuminyana kwabantu, kanye nokuthi, kukhona ukwanda okukhulu kwe-TB kanye nobunzima bokuyelapha, yize ukwelashwa kuthatha izinyanga eziyisithupha kuphela.”
