“Yebo, usazoba nguKhomishana wesifundazwe saseKZN”

Izovuselelwa ngeminye iminyaka emihlanu inkontileka kaKhomishana wamaPhoyisa aKwaZulu-Natali uNhlanhla Mkhwanazi.

Lokhu kushiwo umphathi wamaphoyisa kazwelonke uJenene Fannie Masemola.

Inkontileka kaMkhwanazi yayihlelelwe ukuba iphele ekupheleni kukaMarch 2026.

UMasemola uthe imininingwane yokwelula inkontileka isemaphethelweni.

OLUNYE UDABA: UNtuli usekela uMkhwanazi ngokuthi aqhubeke nokuhola amaphoyisa eKZN

“Sisezinhlelweni zokuphothula leyo mininingwane. Ngakho-ke yebo, usazoba nguKhomishana wesifundazwe saseKZN.”

“Sinobudlelwano obuhle bokusebenza futhi uNdunankulu uvumile ukuvuselelwa kwenkontileka,” kusho uMasemola.

Ngaphambilini kulo nyaka, uNdunankulu waseKZN uThamsanqa Ntuli wavuma ngokusemthethweni ukuvuselelwa kwenkontileka.

eNCA