
Sekuqinisekisiwe ukuthi i-KZN ingesinye sezifundazwe ezizothola umjovo omusha wokuvimbela isifo, i-HIV.
UNgqongqoshe Wezempilo u-Aaron Motsoaledi uthi imitholampilo yomphakathi engu-360 eNingizimu Afrika ezongeyokuqala ukuthola lo mjovo iLenacapavir.
UMotsoaledi wethula inkulumo yosuku emhlanganweni kazwelonke owawubanjwe nguMnyango kanye noMkhandlu Kazwelonke Wengculazi eNingizimu Afrika.
OLUNYE UDABA: Kusaqhubeka ukubhebhetheka kwesifo samatele eKZN
Lo mhlangano wezinsuku ezimbili ubheke ukwethulwa kweLenacapavir kanye nokuhlola ukulungela kwezwe.
UMotsoaledi uthe babalelwa ku-7.8 million abantu abaphila negciwane lengculazi eNingizimu Afrika.
Ubonge iLenacapavir eyakhiwe yifemu yase-US yaseGilead njengesisekelo sohlelo lwayo lomthamo nokusebenza ngempumelelo.
“I-Lenacapavir ilethwa ngomjovo othathwa kabili kuphela ngonyaka, ihlinzeka ngokuvikeleka izinyanga eziyisithupha. Imijovo emibili kuphela ngonyaka ingavimbela umuntu ekutholeni i-HIV.
Izifunda eziyisithupha zaseKZN okuzosatshalaliswa kuzo iLenacapavir yiMajuba, iTheku, iLembe, iKing Cetshwayo, Ugu, noMgungundlovu.
