Sekuvele izinsolo zokusatshiswa kofakazi ecaleni lezibhelu zikaJuly 2021

Sekuvele izinsolo zokwesaba nokusatshiswa ecaleni lamadoda amane asolwa ngokubulala ngesikhathi sodlame lwangoJulayi 2021 eNkantolo eNkulu yaseThekwini.

Kusolwa ukuthi bayathinteka esigamekweni sokuhlasela esenzeka ePhoenix okwashona kuso uNjabulo Dlamini.

Abasolwa babhekene namacala okuzama ukubulala ngemuva kokulimala kukaNkosikhona Madlala noSandile Sambo.

OLUNYE UDABA: Uzovela kusasa enkantolo owesifazane ‘obulale ibhungu elilunguze’ kwakhe eCornubia

Amanye amacala awokucekela phansi impahla kanye nokususa udweshu emphakathini.

Izisulu zaziye ePhoenix ziyothenga utshwala ngesikhathi sokuvalwa kwezwe ngenxa yeCovid-19.

Ufakazi wombuso utshele inkantolo ukuthi usabela impilo yakhe ngesikhathi ebona ummangalelwa ongunombolo 1, uRavine Naidoo, engaphandle kwasethaveni, okungeyommangalelwa wesibili, uTrevor Gopal.

Uthi uNaidoo ubephethe imvumu.

Ngesikhathi ebuza uNaidoo nendodana yakhe ukuthi babenzani lapho, kuthiwa baphendule ngokuthi babeze ukuzovikela uGopal.

Kusolwa ukuthi u-Naidoo washaya uSambo ngemvubu.

Khonamanjalo ufakazi uziphikile izinsolo ezenziwe ngummeli kaNaidoo zokuthi wamubiza ngegama lakhe ngemuva kokumbona ku-video.

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)