
OwayeyiSekela likaMengameli uDavid Mabuza ushone ngoLwesine.
UMabuza usebenze njengesekela likamongameli kusukela ngoFebruary 2018 kuya kuFebruary 2023.
UMabuza owake waba yilungu leNational Executive Committee ye-ANC uphinde wasebenza njengoNdunankulu waseMpumalanga phakathi kuka-2009 no-2018, ngalesikhathi sokuphatha kukaMengameli Jacob Zuma owayenguzakwabo kwezombusazwe.
OLUNYE UDABA: Akasekho emhlabeni uPope Francis
UMabuza wazalelwa eMpumalanga kanti unguthisha ngokuqeqeshwa.
Ukuzibandakanya kwakhe kokuqala kwezombusazwe waba kwinhlangano iBlack Consciousness ngesikhathi esangumfundi, kwase kuba ngezinyunyana zothisha.
Ubengusihlalo we-SADTU, engaphansi kwe-CSATU kusukela ngo-1988 kuya ku-1991.
UNobhala Jikelele we-ANC uFikile Mbalula ufake isitatimende enkundleni yezokuxhumana eveza ukuthi uMabuza ubezinikele ekusebenzeleni abantu baseNingizimu Afrika.
Umethule njengeqabane elizinikele neliphethe amagugu obumbano, ukuziphatha kanye noguquko kusukela ezinsukwini zobandlululo.
I-ANC ithe ilahlekelwe umlweli wenkululeko nomholi obesebenza ngokuzithoba nangokuthembeka.
It is with deep sorrow and a heavy heart that we learn of the passing of former Deputy President of the Republic and stalwart of our movement, Comrade David Dabede Mabuza.
— ANC SECRETARY GENERAL | Fikile Mbalula (@MbalulaFikile) July 3, 2025
Comrade Mabuza dedicated his life to the service of the people of South Africa. From his days in the… pic.twitter.com/BZXbdRD2wB
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
