
UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal ukuqinisekisile ukuthi isibalo sabantu abashone engozini eyenzeke ngoLwesibili ekuseni e-R34 ngaseVryheid enyakatho ne-KZN sesibuyekeziwe sisuka ku-12 saya ku-10.
Abantu bashone ngemuva kokuba iloli lishayise ibhasi ebelithwele inqwaba yabagibeli.
Babalelwa ku-20 abanye abantu abathole ukulimala baphuthunyiswa ezibhedlela zendawo.
OLUNYE UDABA: I-EFF iqinisekise ukuthi abashone engozini yebhasi eVryheid bangabalandeli beqembu
Umnyango uthe wenza konke okusemandleni ukuxhumana namalungu omndeni.
Okhulumela uMnyango uNdabezinhle Sibiya uthe basalinde umbiko ovela kwaRoad Traffic Inspectorate.
“UNgqongqoshe uveze ukuthi uma esethole umbiko ogcwele emaphoyiseni ophiko lwe-SAPS kanjalo nakwaRoad Traffic Inspectorate uzokwazi ukukhuluma nabezindaba,” kusho uSibiya.
USibiya uxwayise ngokuthi kusengenzeka sinyuke isibalo sabashonile.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
