Uchwepheshe: Ubunzima bezomnotho bubhebhezela ukwanda kwe-HIV kubantu besifazane

Uchwepheshe wezokwelapha uyamanise ukwanda kokutheleleka nge-HIV kwabesifazane abasebasha, ezenhlalo nezomnotho.

UMqondisi we-UNAIDS uWinnie Byanyima uzwakalise ukukhathazeka ngokudlondlobala kwezifo kwabesifazane abasebasha.

UByanyima ubeseNingizimu Afrika ngesonto eledlule ezohlola umthelela wokuncishiswa kwezimali, kubalwa nohlelo lukahulumeni waseMelika iPEPFAR.

Ungoti wezokwelapha uDkt Angelique Coetzee uthe abesifazane abasebasha abaneminyaka ephakathi kwengu-15 kuya kwengu-24 ubudala banamathuba aphindwe kathathu noma kane okuthola i-HIV uma kuqhathaniswa nontanga yabo besilisa.

”Umuntu wesifazane uyena owamkelayo ngale kokufuna ikhondomu, okuyinto ebuhlungu kakhulu, futhi abanye bashintshana ngocansi ukuze bathole imali, ukudla, noma imali yesikole ngenxa yokwesela,” kusho uCoetzee.

OLUNYE UDABA: Bangaphezu kuka-200 000 abaphila neHIV/AIDS abangasawadli ama-ARV eKZN

“Kuphinde kube nenkinga yokungafinyeleli kwezemfundo ngokwanele, ikakhulukazi mayelana nempilo yezocansi. Iyiphi indlela yakho yamalungelo kanye neyokuvikela?”

UCoetzee uthe kufanele kuqiniswe uhlelo lokunakekelwa kwezempilo ukuze kubhekwane kangcono ne-HIV, ikakhulukazi kulabo aababuthaka.

“Sidinga ukugxila kakhulu ekunakekelweni ngokwezempilo okusekwe emphakathini. Abasebenzi bezempilo bomphakathi babalulekile ekuxhumaniseni abantu abasengcupheni nezinsiza. Bagxamalazile, yibo abangakwazi ukuthola imithi nokuyisa emphakathini,” kusho yena.

“Sidinga ukuhlanganisa i-HIV, ezocansi nokunakekelwa kwe-TB ukuze sifinyelele kalula.

“Abukho ubudlelwano obukhona phakathi kwezinkampani ezizimele nezikahulumeni lapho sisebenzisana nezinhlangano ezingenzi nzuzo kulyo mphakathi. Asisebenzisaneni.”

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)