URamaphosa uyavuma ukuthi ‘kuyashaqisa’okushiwo kwikhomishana kamadlanga

UMengameli uCyril Ramaphosa uvumile ukuthi zimethusile ezinye zezinto ezidaluliwe ezinsukwini ezimbalwa zokuqala zokulalelwa kweKhomishini kaMadlanga.

Ikhomishana, eholwa nguJustice Madlanga osewathatha umhlalaphansi eNkantolo YoMthethosisekelo, iphenya inkohlakalo, ubugebengu kanye nokugxambukela kwezombusazwe ohlelweni lwezobulungiswa bobugebengu eNingizimu Afrika.

Ukuqulwa kwecala kuqale ngoLwesithathu, uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uNhlanhla Mkhwanazi, ongufakazi wokuqala ukwethula ubufakazi kulolu phenyo.

URamaphosa ukhulume nabezindaba zakwa-SABC News ngoLwesine.

OLUNYE UDABA: Madlanga Commission – Izohlinzeka ofakazi ngezokuphepha

“Ezinye zezinto ezikhulunyiwe ziyashaqisa futhi ziyakhathaza. Ngakho-ke, ngifuna ukubona sonke isithombe,” kusho uRamaphosa.

“Angifuni ukukhipha isinqumo ngosuku olulodwa nje lwezethulo noma ubufakazi. Kudingeka sibuke yonke into ngokucophelela.”

UMengameli uthe iKhomishana kaMadlanga izoholela ezinguqukweni ohlelweni lwezobulungiswa kwezobugebengu.

Ufunge wagomela ukuthi uzoyikusukumela okutholwe yikhomishana uma isiwuqedile umsebenzi wayo.

“Ikhomishini yiyona engingayibiza ngokuthi izoletha ushintsho. Izoholela ezinguqukweni eziningi ukuze umthetho uqiniswe ngendlela efanele ezweni lethu.”

Ukuvikele ukusungulwa kophenyo, wathi akusho ukuthi ukhipha umsebenzi njengenhloko yezwe.

“Ikhomishana izocubungula bonke ubufakazi bese isethulela inhlanganisela yalokhu ekuhlolile kanye neziphakamiso.

Newswatch