
Amaphoyisa asendaweni yasePhoenix aphenya icala lokubulala ngokungenhloso kulandela isigameko sentombazane eneminyaka engu-8 ubudala eshayiswe yimoto izihambela kuStonebridge Drive.
Le ntombazane ogamalayo nguSemihle Njokweni ishonele esibhedlel ngoLwesithathu.
Isakhamuzi sasePhoenix, uBerlinda Belcher uthi izingane zakhe ezimbili zifunda esikoleni okufunda kuso uSemihle.
OLUNYE UDABA: Ingene engozini imoto ‘kamalume’ ebigcwele ngokweqile eSavanna Park
UBelcher uthi bekungaba yizingane zakhe ezehlelwle yile ngozi. Uthi kuningi okumele kwenziweukuqinisa ezokuphepha emgwaqeni kule ndawo. Uthi umphakathi ukhungakethile.
“Njengamanje esikwenzayo wukuthi uma umsolwa engaboshwa avele abhekane nengalo yomthetho sizolwela ukuthi le ngane nomndeni wayo kube nobulungiswa njengomphakathi.”
Uqhube wathi lokhu abakwenzi ngaphansi kwanoma yiliphi iqembu lezepolitiki kodwa bakwenza njengezakhamuzi ezikhathazekile.
“Uma singazixazululi lezi zinkinga manje umphakathi wethu uzophepha nini.”
