
Amaphoyisa KwaZulu-Natal abophe abasolwa abangu-10872 ngamacala ahlukene.
Amacala okushaya ngenhloso yokulimaza asalokhu ephezulu njengoba kuboshwe abasolwa abangu-3 278 kwathi abangu-1559 kubo baboshelwe ukushaya ngenhloso yokulimaza kanye nabangu-197 ngokubulala.
I-Family Violence, Child Protection and Sexual Offences Unit (FCS) ibophe abasolwa abangu-207 ngamacala okudlwengula kanti abasolwa abangu-19 baboshelwe amacala ocansi.
Abasolwa abangu-229 baboshelwe ukutholakala nezikhali eziyingozi ezingekho emthethweni, kwathi abasolwa abangu-702 baboshelwe ukushaya okujwayelekile.
Abasolwa abangu-371 baboshelwe ukucekela phansi impahla kanti abasolwa abangu-372 baboshelwe ukweba ezitolo.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe 4 ngokukhwabanisa omazisi nezinye izitifiketi eKZN
Ngobugebengu obuhlobene nezidakamizwa, kuboshwe abasolwa abayi-1 856.
Kwaboshwa abasolwa abangu-554 ngokushayela bephuze utshwala noma bedle izidakamizwa.
Abantu abangu-869 abangenazo izincwadi nabo baboshwa ngenyanga kaJune, kusho isitatimende samaphoyisa.
Imikhankaso yamaphoyisa ezindaweni ezehlukene ezinobugebengu iyaqhubeka ngenhloso yokunqanda isibalo sobugebengu obenziwayo. Ngalesi sikhathi samaholidi ezikole amaphoyisa azobonakala njengoba abanye abasuke bezohambela amaholidi bezokwehlela esifundazweni saKwaZulu-Natal.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
