
Ugwetshwe odilikajele abayishumi umfundisi waKwaZulu-Natal otholwe enecala lokudlwengula amantombazane asemancane eNquthu, neminyaka engu-70 eyengeziwe.
UMandlelisa Mabhale oneminyaka engu-58 ubudala, ubhekene namacala ayishumi okudlwengula izingane ezincane, ukuhlukumeza ngokocansi, nokutshengisa izingane izithombe zocansi. Waboshwa ngoSeptember 2022.
Inkantolo izwe ukuthi izingane ezine zatshela umama wazo ukuthi umfundisi wayezidlwengula.
Kubikwa ukuthi uMabhale uwaphikile wonke amacala.
OLUNYE UDABA: “Izibalo zokudlwengulwa kuleli ziyehluleka ukuveza ubucayi besimo”
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uThenjiswa Ngcobo, uthe, “Izingane bezijwayele ukuvakashela umfundisi futhi bezichitha isikhathi esiningi zihlezi naye. Lezi zingane beziphinde zisiza noMabhale uma enza imisebenzi yokulungisa njengokulungisa impahla esebenza ngogesi.
UNgcobo eqhuba, uthe, “Uphenyo ngodaba lwenzeka ngokukhulu ukushesha njengoba kufanele, kwatholakala ukuthi uMabhale udlwengule izingane eziyishumi. Zonke, izisulu zisencane ngokweminyaka, zabikela amaphoyisa ukuthi umfundisi ubezibizela ekamelweni lakhe aqashe kulo elisendaweni yaseNdidini, nokuyilapho ayezibukisa khona izithombe zocansi bese ezidlwengula.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
