Lihlehlisiwe futhi icala lokubulawa komrepha


INkantolo eNkulu yaseThekwini ilalele ukuthi umbuso uzimisele ngokubiza ofakazi abangu-45, nangaphezulu makwenzeka, ecaleni lokubulala u-AKA noTebello Motsoane.

Amadoda amahlanu asolwa ngokubandakanyeka ekubulaweni kwalo mrepha nomngani wakhe eThekwini eminyakeni emibili edlule.

NgoLwesine bekumele kube nengqungquthela eyandulela ukuqulwa kwecala.

Ungoti wezomthetho u-Advocate Abigail Ngobene, obehambele inkantolo, uthe ukuqulwa kwamacala kuqonge ngemuva kokuba abashushisi bethule izethulo zeSigaba 220.

OLUNYE UDABA: Lihlehlile icala labasolwa ngokubulala uDJ Sumbody

“ Lezi zethulo ezenziwa abasolwa, kanti lezo yizinto lapho bevuma khona izindaba ezinjengamaqiniso ukusho ukuthi umbuso akufanele ngempela udlulele phambili ukuze ufakaze ngakho. Siyakuvuma lokho. Kodwa lowo mbhalo waphikiswa ngabanye babameli babasolwa bethi abakaze bawubone lowo mbhalo ngaphambili.”

UNgobene uthi, ngesikhathi lolu daba lubuyela esimisweni, kwaqubuka ezinye izingqinamba ngenxa yezitatimende ebezingakaphumi.

Okunye kuphathelene nofakazi, amagama abo ayengekho ohlwini.

“Kufana nokuthi umbuso ukugodlile lokho ngezizathu ezithile abazaziyo, esinye salezo abasibalile esokuvikela nokuphepha kwalabo fakazi. Asazi ukuthi bebezoyigodla ngezinga elingakanani leyo mininingwane njengoba bengavunyelwe ukuqala ukuqulwa kwecala bengadalulanga ngokugcwele.

“Ngoba lokho kuzobe sekuqulwa icala ngokuzuma, bese kuba udaba lwezinsuku nalapho futhi ngicabanga ukuthi yilokho okuphawulise uJaji uHendricks wathi, umbuso kumele ulungise inhlelo zawo.”

Leli cala seluphinde lwahlehliswa ngesinye isikhathi esiyinyanga yonke.

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)