Uhulumeni waseGauteng uncome amaphoyisa ngokubopha abasolwa ngokubulala uDJ Warras

Uhulumeni waseGauteng utuse amaphoyisa ngemizamo yawo yokubopha labo abasolwa ngokudubula babulale usaziwayo wakuleli uWarrick “DJ Warras” Stock.

Amaphoyisa athi sekuboshwe abantu ababili abathathwa ngaphambilin beyophoswa ngemibuzo.

Labantu babhekene necala lokubulala.

OLUNYE UDABA: Inkonzo yesikhumbuzo sikaDJ Warras

Amadoda amathathu angaziwa aqoshwa kumakhamera e-CCTV evulela ngenhlamvu ebhekise kuDJ Warras abe esebaleka endaweni yesigameko.

Okhulumela uHulumeni wesiFundazwe saseGauteng, u-Elijah Mhlanga, unxusa labo abanolwazi olwengeziwe ukuba basize amaphoyisa.

Kulindeleke ukuba bavele enkantolo ngoLwesithathu.

UDJ Warras wadutshulwa wabulawa enkabeni yeDolobha laseGoli ngomhlaka-16 December 2025. Inkampani yakhe yonogada yayisebenza edolobheni emabhilidini athathwa ngabanye abantu ngokungemthetho.

SABC