
Balulamela esibhedlela abantu abayisithupha, okubalwa kubo nephoyisa, kulandela ukulimala ngesikhathi kubanjwa inkunzi imoto yemali ePinetown.
Abosizo lokuqala i-ALS Paramedics baphuthume endaweni yesigameko kuShepstone Road eduze naku-Hendred Road ePinetown entshonalanga yeTheku ngoLwesine ngezithuba zabo-19:30 ebusuku.
OLUNYE UDABA: Amaphoyisa aseqalile ukuthungatha abasolwa ababambe inkunzi imoto yemali eThekwini
Kukholakala ukuthi oshayasibhamu bavulele ngenhlamvu bebhekise emotweni yemali nakubashayeli bezimoto ezidlulayo.
Amaphoyisa akwazile ukufika kuqala endaweni yesigameko bavikele abathole ukulimala aphinde avala umgwaqo isikhathi eside.
